Ubani ozogcina emele iKZN kweyama-Play-Offs?

SIWE SHOZI |

KUBUKEKA zihubela sakusha ngemidlalo ye-ABC Motsepe League esifundazweni iKwa-Zulu Natal njengoba seyizosongwa imidlalo bese kubhekwe ukuthi ubani ozomela lesi sifundazwe emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiMotsepe Foundation Championship.

Njenga manje umbango uphakathi kwamaqembu angu-4. Kubalwa Umvoti FC, Njampela FC, Umsinga United kanye noMkhambathi FC. Kulamaqembu amathathu aseke alithola ithuba lokuya kodlala lemidlalo kodwa babuya belambatha.Uyabona nasezinkundleni zokuxhumana abalandeli ukuthi bacheme noMkhambathi FC ukuthi awuyinqobe yonke imidlalo esele kube iwona oyobamela, hleze wenze kancono kunalamaqembu.

Nokho-ke akujwayelekile ukuthi esifundazweni esisodwa amaqembu enyuke kabili kulandelana. Ngesizini edlule emidlalweni yokuhlunga, iMidlands Wanderers yakhona lapha esifundazweni yakwazi ukuwina, yize emancane amathuba okuthi kuphinde kunyuke elinye iqembu kodwa bathi abalandeli bathi kulungile noma uMkhambathi FC ungafike uhluleke phambili kodwa bafuna wona.

Amahebezi athi lemidlalo yakulonyaka ingase isingathwe isifundazwe sase-Western Cape ngenyanga kaJuni yize zingakoqinisekwisa lezo zindaba ngoba izifundazwe eziningi azikayiqedi imidlalo yazo ngaphandle kwesifundazwe i-Eastern Cape.

Kulesi sifundazwe ke kulindeleke ukuthi kubhekane iFC Ravern kanye ne-Old Grey FC okuyisizini yayo yokuqala idlala kulesi sigaba. Umdlalo unamuhla enkundleni yeZemidlalo, iSisa Dukashe Stadium ngo13H00 kanti ozowina uyena ozoya komela i-Eastern Cape kuwona amaNational play-offs.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.