
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uchaze isizathu sakhe sokuthi kungani engamqalisanga umdlalo u-Oswin Appollis, emdlalweni wamanqamu we-MTN8 ngoMgqibelo lapho behlulwe khona yiMamelodi Sundowns.
Ungene enkundleni ngesikhathi sekhefu esikhundleni sikaKamogelo Sebelebele owayelimele, kodwa iSundowns yaphuma phambili ngokunqoba, lapho u-Iqraam Rayners eshaye iphenathi sekusele isikhathi esincane ukuthi umdlalo uphele ukuze kuqinisekiswe ukunqoba, kanti uGhampani Lungu ushwebe iphenathi yePirates ngomzuzu wama-60.
Ama-Buccaneers ahlulwe emdlalweni wawo wokuqala wamanqamu we-Wafa Wafa eminyakeni emihlanu, kanti enye yezinto ezikhulunywe kakhulu ngaphambi komdlalo wukuthi u-Appollis ufake ohlwini lwabadlali abahlala ebhentshini kuphela.
Ngemuva komdlalo, u-Ouaddou ukhulume ngesinqumo sakhe sokungamfaki u-Appollis ohlwini lwabadlali abaqala umdlalo.
“Ungomunye wabadlali abahamba phambili ezweni, nakuthina futhi,” kusho yena esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo.
“Kodwa uyazi ukuthi uma udlala umdlalo, uba nohlelo. Ungadlala ngezigaba ezahlukene, kumele ulindele ukuthi yini engenzeka engxenyeni yesibili yomdlalo.
“Besihlele ukumfaka ngokushesha mhlawumbe ngemuva kokuqala kwengxenye yesibili. Ngicabanga ukuthi sikwenzile lokho ngonyaka odlule.
“Uyazi ukuthi ngisebenza kanjani, ngihlale nginabadlali abakwazi ukushintsha umdlalo (impact players). Ngakho namuhla, ube ngomunye walabo badlali abakwazi ukushintsha umdlalo, umuntu ongawuguqula umdlalo.
“Kodwa iqiniso lokuthi singenelwe yigoli kusenesikhathi lishintshe uhlelo lwethu ngoba besizama ukubamba umdlalo. Ngakho u-Oswin ungumdlali omuhle kakhulu, ubaluleke kakhulu kithina, futhi ungumdlali odlala ezingeni lamazwe ngamazwe. Kodwa namuhla sithathe isinqumo sokumfaka njengomdlali ozoshintsha umdlalo.” kusho u-Ouaddou.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
