Kuzoshikisha ufudu koweChiefs nePolokwane City

IKaizer Chiefs inqume ukuhlala ePolokwane ngemuva komdlalo wayo neMagesi FC maphakathi nesonto, njengoba izobhekana nePolokwane City ngoMgqibelo e-Old Peter Mokaba Stadium.

Abaphathi beChiefs bakuqinisekisile ukuthi ukuhlala ePolokwane kuzosiza iqembu ukuthi ligweme ukuhamba ibanga elide nokukhathala, liphinde lijwayele isimo sezulu nesimo senkundla ngaphambi komdlalo obalulekile weBetway Premiership.

“Sidlale lapha ngoLwesithathu. Kuwumqondo omuhle ukuthi sihlale, siphumule, silungiselele kahle umdlalo wangoMgqibelo esikhundleni sokuya eGoli siphinde sibuye futhi,” kusho uVina Maphosa okhulumela iKaizer Chiefs .Iqembu lizilolongela eSeshego Stadium.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.