
uMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane, noMphathi woMkhandlu Mr SL Sokhela, uMphathi wezimali(CFO) Mr N Mvelase kanye nemenenja ehhovisini likaMeya uMr FB Sithole boMkhandlu kamaspala waseMsinga usaqhubeka nokusondeza izinsiza ezidingwa umphakathi. Izikhululu zalo mkhandlu zibe yingxenye yethimba eliqavile ebelimenyiwe ukuzovula ibhange elikhulu uAbsa ukuze izimpilo zomphakathi zibelula.
UAbsa uqalile ukusebenza eTugela Ferry Mall. Umphakathi waseMsinga ngeke usaya kude ukuyothola isizo kodwa usuzolithola eduze eMall kusho uMeya uCllr Dr. FJ Sikhakhane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
