
UJay Jay Okocha ubona ukuthi abadlali abadlala phesheya kwezilwandle bangavulela amathuba kubadlali abadla kumaligi ase Africa. INkakha yebhola yase Nigeria Austin Jay Jay Okocha ongumengameli wabantu abasha kwezemidlalo eNigeria, utshele IBUNDA IZINDABA ngemidlalo ye African Cup of Nations, ezoqalwa ngomhlaka 13 kumasingana. “Mina ngibona ukuthi amaqembu amaningi kudala agcinile ukudlala imidlalo emqoka, abadlali abaningi abagqhamanga kahle emaqenjini abawadlalelayo phesheya kwezilwandle. Iqiniso elimqoka kakhulu ngalemidlalo ye African Cup of Nations, ukuthi abadlali abadlala emaligini ase Africa yibona ababamba iqhaza elikhulu ekunqobeni Afcon.
Kubadlali abadlala phesheya kwezilwandle bancane abadlala ngokuzimisela kulemidlalo, mangabe bangadlala ngokuzimisela kulemidlalo singabona izinga eliphezulu kakhulu lebhola Africa. Sinabadlali abanamagama amakhulu ebhola lomhlaba, abadlalela amaqembu amakhulu phesheya kwezilwandle, abangaguqula lomqudelwano ube ngundaba mlonyeni njengaphambilini. Yibo abangavulela amathuba abadlali abadlala emaligini adlala Africa, ibhola lase Africa lihlulekile kakhulu kunamanye amazwe omhlaba, ngoba lidonsa kakhulu izinhloli zamaqembu amakhulu ase entshonalanga.” kusho Jay Jay Okocha.
Kubadlali abamqoka ababhekiwe ukuthi basize amaqembu abo, kukhona Mohammed Salah wase Egypt we Liverpool yase England. INigeria izoholwa ngu Victor Ozimhen ongumgadli we Napoli yase Italy, iSenegal izoholwa ngu Sedio Mane ongumdlali we Nazir yase South Arabia. INingizimu Africa izoholwa ngu Percy Tau ongumgadli we Al Ahly yase Egypt, lomqudelwano wezwekazi lase Africa, usukhiqize abadlali abaningi abadlalele amaqembu amakhulu emhlabeni jikelele, lemidlalo izobanjelwa ezweni lase Ivory Coast elintshonalanga ne Africa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
