Umqeqeshi ucela umsebenzi ku Manto Madlala

UVladislav Heric ongumqeqeshi odabuka eSerbia, ukholwa ukuthi angayiqeqesha kancono iGolden Arrows. Uthsele IBUNDA IZINDABA ukuthi yena ubona engenza ngcono kakhulu kuleliqembu laseThekwini. “Mina ngibona ngayiqeqesha kancono kakhulu iGolden Arrows, bengilokhu ngiyilandela imidlalo yayo, ngabona lapho ixega khona nalapho kumele iqinise khona, kodwa ngalokho angisho ukuthi ngithi mabamxoshe umqeqeshi okhona uMabhuti Khenyeza. Ngiyacabanga ukuthi mangabe edinga umqeqeshi usihlalo we Golden Arrows uManto Madlala ngikhona.

Anginalo iqembu kumanje ngizihlalele ekhaya, kodwa ngiwulambele umsebenzi wokuqeqesha. Ebuzwa ngomsebenzi amantaniswa nawo ku Maritzburg United, uqinisekisile ukuthi bake bamthinta kodwa akukho nokuncane okuhlanganayo kusho Vladislav Heric. Lomqeqeshi wase Serbia uzakhele igama ku Dstv Premiership League ngokusindisa amaqembu alengele ezembeni, namaqembu afuna ukunyukela ku Dstv Premiership League, amaqembu aseke wawaqeqesha kuleli kukhona iGolden Arrows, Free State Stars, Maritzburg United, Chippa United.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.