
Uhulumeni waKwaZulu-Natal usumemezele izinhlelo zokusabalalisa izinsiza emindenini ekhahlanyezwe yisimo sezulu esingesihle ngobusuku obandulela uNcibijane. Kushone abantu abathathu okuhlanganisa nengane eneminyaka eyisikhombisa eMgungundlovu naseMandini kulandela izimvula ezinamandla ezihlasele izingxenye zesifundazwe ngeSonto. Lokhu kuza ngemuva kwezikhukhula ezibulale okungenani abantu abangu-22 eMnambithi ngosuku olwandulela uKhisimusi.
Izimvula ezinamandla ezihlasele ezinye izingxenye zeKZN ngosuku olwandulela unyaka omusha zidlule nemiphefumulo emithathu. Kushone abantu ababili eMgungundlovu ngesikhathi imoto abebehamba ngayo imuka nomfula uMsunduzi. EMandeni, umfana oneminyaka engu-7 ubudala ushone ngesikhathi imvula enamandla imizuzu engu-15 ihlasele endaweni.

Okhulumela i-KZN Cogta, uMnuz Siboniso Mngadi, unxuse abaholi bomphakathi ukuthi balekelele ekuqwashiseni abantu ngobungozi obuhambisana nokuduma kwezulu. “Amathimba ethu okubhekana nezinhlekelele aseyiqalile imizamo yokusiza imindeni ekhahlamezekile, futhi sizoqhubeka nokuhlola nokuxhumanisa neminyango efanele ukuze sinikeze usizo kulabo abaludingayo ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uMngadi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
