
UHugo Broos ugxeke abaphathi beqembu le Orlando Pirates ngokuthanda imali nokuvikela abadlali ngendlela efanelekile.
“Kwakumele bangaqali bamthengise uMbekezeli Mbokazi aqhubeke nokuthuthuswa kahle. Manje abaphathi beqembu bagijimela imali kunokucabanga kahle ngekusasa lalomdlai ebholeni lomhlaba” kusho Broos.
“Lomdlali ubengadlala eqenjini lase Belgium iClub Bragge hhayi ukuthi ngangizomhambisa khona mina kodwa ngisho ngoba bakhona abaphathi bakhe. Kuyahlupha ukumukela noma yini emaqenjini ngoba ephincwa ngama agents ngoba wona efuna ukuzicebisa ngabadlali” kusho Broos.
Lomqeqeshi wasola ngaphambili imenenja ka Mbekezeli Mbokazi ngokuthi yona yajaha imali kuMichaels Bianca ngokuthi umthengisele eqenjini le Chicago Fire ku MLS League.
U Bianca waphendula wathi amaqembu ase Europe ayemfuna ngemali encane kakhulu- uMbokazi ngalendlela wobona kungumthatha kancane ngoba eqhamuka eNingizimu Africa .
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
