Utalatiya lwe Kaizer Chiefs kazi liyoqedwa ngubani

Ukaizer Motaung uzoshiya konakele ku Kaizer Chiefs njengoba abantwana bakhe banombango baphinde baphila impilo yobuzemtiti njengoba bakhulele esilungwini nabantu abamhlophe okubenza bangabinalwazi ngosiko mpilo lomuntu omnyama.

IKaizer Chiefs isungulwe ngesisekelo sabantu abamnyama futhi ibisebenzisa umuthi webhola lokho kusenzeka emaqenjini amaningi Africa yonkana.

Naphesheya kwezilwandle abadlali nemindeni yabantu abamnyama basaliqhuba leliciko lokuba ngabantu abamnyama. UPaul Labile Pogba ongumdlali waseswini wase France ne Juventus . wakhombisa umhlaba wonke ukuthi abantu abamnyama banjani nomangabe bazalelwe kuphi.

Lomdlali uzalelwe eFrance wakhulela khona kepha uhamba izinyanga zakhona zabantu abamnyama. Kubona ukuthi ukuhamba ka Motaung kuzosala umbango wabantwana ubamkhulu. Leliqembu lizogcina ngokuthi liphume ezandleni zakwa Motaung, lidayiselwa abantu abanemali nabanothile kodwa bona ukuligcina igama nendawo.

Njengoba kwenzeka kumaqembu ase Europe afana no Manchester United, Manchester City, Newcastle, Arsenal, abaphathi balamaqembu akubona manje base England. baqhamuka emazweni acebile afana no Qatar, Saudi Arabia, USA.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.