
Amaqembu ebhola KwaZulu-Natal angamaqembu amancane adlala ku Dstv Premiership League eNingizimu Africa. AmaZulu FC, Golden Arrows, Royal Am, Richard Bay FC, lamaqembu asahlulwa ukugcina abadlali nokuthenga abadlali abanohlonzo nokukholelwa kubadlali besifundazwe.
Abalandeli bebhola KwaZulu-Natal baqoka ukuhamba beyobuka umdlalo womkhaya eGoli phakathi kwe Orlando Pirates ne Kaizer Chiefs. Bayawushiya umdlalo we Golden Arrows naMaZulu FC ne Royal Am, abanye abawubuki ngisho ku TV babuza abanye ukuthi lenzenjani uSuthu bafo, uMamkhize udlale kanjani, ezikaManto zona kuphela lapho ngoba ubebuka umdlalo omqoka kuyena.
Abaphathi balamaqembu bayancetheza kubaphathi bamaqembu amakhulu ase eGoli. Kodwa mangabe abezindaba bebhala amaqiniso ngamaqembu bathola inzondo embi ngoba abezindaba benza umsebenzi wabo. Mangabe kudlala walamaqembu a KwaZulu-Natal akugcwali ngisho Harry Gwala Stadium noma Princess Magogo Stadium, King Zwelithini Stadium, ayiphathwa eye Moses Mabhida Stadium.
Kodwa kufika iKaizer Chiefs iyicwalise lenkundla yase Moses Mabhida Stadium. Umdlalo wezinkunzi zase Soweto kubangathi yiholidi kubantu base Ningizimu Africa kuphuma abantu KwaZulu-Natal balibangise kulomdlalo.
Akekho ophonsela inselo umdlalo womkhaya wamaqembu ase Soweto, iKwaZulu-Natal kumanje kukhula kakhulu amaqembu ase Pitoli. IMamelodi Sundowns FC ne Super Sports United mangabe kuhlangene lamaqembu kuyashuba noma iMamelodi Sundowns FC isahamba phambili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
