
U-Irvin Khoza umbuso wakhe usamile kancono njengoba iqembu le Orlando Pirates lisakhona ukunqoba izinkomishi amasizini elandelana. Iqembu le Orlando Pirates likhombisa ukuzinza ngemuva kokukhomba indlela loyo obeyimenenja yayo Floyd Mbhele.
Waqhelisa uStanley Screamer Tshabalala eduze neqembu le Orlando Pirates. UFloyd Mbhele ubedunga iqembu le Orlando Pirates ngokuthi agxambukele emsebenzini wabaqeqeshi nabadlali, nguyena nomngani wakhe uStanley Screamer Tshabalala bebehlalise kabi abaqeqeshi nabadlali be Orlando Pirates.
Kade bebophela bona isikimu se Orlando Pirates kuthi abaqeqeshi umsebenzi wabo bekuthi bajimise abadlali kuphela. Ngokwenza ucwaningo olunzulu lendodana ka Khoza encane yathola ukuthi ngobani ababulala iqembu le Orlando Pirates, yathatha umbiko yawuthumela ku Irvin Khoza.
UKhoza wathatha isinqumo ngo Mbhele no Tshabalala. Ngemuva kwalapho iqembu lezimnyama ngenkani zathola indawo yesibili ku Mamelodi Sundowns FC ngesikhathi zinqoba MTN 8 Cup ne Nedbank Cup, bayivikela MTN Cup.
Ukuhamba ka Floyd Mbhele kwaphuma nobomvu kubaphathi be Orlando Pirates nabalandeli. Kunabadlali abafana no Thulasizwe Mbuyane, Patrick Thwala , Innocent Mdlendle, Benedict Tso Vilakazi baphumela obala ngalamadoda amabili ngemisebenzi yokukhohlakala kwabo. Mangabe ungezwani nabo bamtshela umqeqeshi ukuthi engakudlalisi nhlobo.
Kodwa isifo esikhona ku Orlando Pirates ukuholela imali encane, njengoba abadlali abamqoka bayabaleka balisingise ku Mamelodi Sundowns FC. Kuhambe Gift Mpho Leremi, Teko Modise, Lebohang Mokoena, Patrick Thwala, Oupa Manyisa, Thembinkosi Lorch. Tso Vilakazi, Sbusiso Rhee Zuma. Bonke babalekiswa yimali nokudlalela ibheji le Orlando Pirates.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
