
UBubha endlini emnyama budlangile ngaphansi kahulumeni ophethwe ngu ANC. Uhulumeni wabantu abamhlophe wawusebenzela abantu abamhlophe futhi wabathuthukisa bonke abantu abamhlophe eNingizimu Africa.
Waqinisekisa ukuthi abantu abamhlophe banezindlu nogesi namanzi nomsebenzi wokuziphilisa. Lohulumeni wabamhlophe wawusebenzela abamhlophe namakhaladi namandiya kuphela.
Kodwa lohulumeni obusayo usuqedile iminyaka engu 30 kodwa usebenzela osopolitiki nosomabhizinisi abayidlanzana, uquqaba limbiswa iqanda lenjelane lehequza ngethemba lenja engenawo umsila.
Uquqaba luphahlekwa ngodaka emehlweni khona lungazobona ubuqhophololo bezigilamkhuba zabaholi be ANC bayishaye bayiqothula imali yabakhokhi bentela njemaye eqothula utshani.
Kumanje akekho umuntu osehamba efuna umsebenzi emafemini ngoba umsebenzi awukho. Uhulumeni wabantu ulanda amachina azogibela emakhanda abantu base Ningizimu Africa njengoba ebaholela amakinati okuthi balale bedlile.
Kumanje balande amaphakisitani bagcwalise iNingizimu Africa adayisela ukudla okuphelelwe isikhathi, besekudayiselwa abantu bakulelizwe. Baphinde babazalise labantu besifazane abasebenza kumaphakisitani.
Mangabe uhamba edolobheni lase eThekwini uthola lonke usizi kubantu base Ningizimu Africa, bezigqila zabantu bangaphandle, abanye badayisa ngomzimba basebenzela bona, abanye bashushumbisa izidakamizwa, bayaboshwa ubuthaphu thaphu emazweni afana no Argentina, India, Thailand, Brazil, Venezuela, Bolivia.
Bahamba bekhohliswa ngezimali ezingamakinati, bonke abantu abenze ububi emazweni abo babalekela eNingizimu Africa. Njengamanje lelizwe liyabila inkohlakalo nobushokobezi abaqhamuka Pakistan, Nigeria, Zimbabwe, Angola, Zambia, Tanzania, Mozambique.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
