
Umholi we-EFF uJulius Malema uhlakazwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele mayelana necala lokudubula esidlangalaleni. Ithimba labameli baMalema liveze ukuthi lizosidlulisa lesi sinqumo seNkantolo yeMantshi yase-East London ngoba likholwa ukuthi enye inkantolo ingakhipha isinqumo esehlukile.
Umbuso ubufuna uMalema anikezwe isigwebo seminyaka engu 15 ebhadla ejele ukuze kwenziwe isibonelo ngaye ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho. Umkhulumeli we-National Prosecuting Authority eMpumalanga Kapa, uLuxolo Tyali, uthe icala ebelibhekene noMalema libucayi.
“Umbuso ubona ukuthi icala libucayi kakhulu ngenxa yesikhundla sommangalelwa emphakathini. Njengo mholi weqembu elikhulu ePhalamende, uMnu. Malema kumele abe yisibonelo. Ukuthola inhlawulo noma isigwebo esilengisiwe kungathumela umyalezo ongalungile, ikakhulukazi entsheni,” kusho uTyali ekhuluma ne-SABC News.
UMalema watholakala enecala ngoFebhuwari 2026 lokwephula uMthetho Wokulawulwa Kwezibhamu, ngemuva kwesigameko sango-28 Julayi 2018 eSisa Dukashe Stadium, eMdantsane. Kuvidiyo, ubonakala eqhumisa isibhamu phezulu ngesikhathi kugujwa iminyaka emi-5 i-EFF yasungulwa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
