
UMongameli we-FIFA u-Gianni Infantino uphumele obala ecacisa ngesimo se-Iran kwiNdebe yomhlaba ka-2026, eqinisekisa ukuthi inhlangano yakhe izokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lelizwe liyabamba iqhaza naphezu kwesimo sokungqubuzana ne-United States ne-Israel.
I-Iran ingelinye lamazwe okuqala ukungena kweyendebe yomhlsba ngemuva kokushaya i-Uzbekistan ngo-2-0 eTehran ngoMarch 2025. Lokhu kwenze yaba izwe lesithathu ukungena kweyendebe yomhlaba ezosingathwa i-USA, Canada, ne-Mexico. Lokhu kudala ukukhathazeka ukuthi abadlali base-Iran, abaqeqeshi, nezikhulu ngeke bakwazi ukungena e-USA ukuyodlala imidlalo yabo ye-World Cup.
Ekhuluma nabezindaba eZurich, u-Infantino uthe: “Umthetho we-FIFA ucacile. Uma iqembu lifanelwe ukudlala kwi-World Cup. Izimo zezombusazwe akumele zilivimbe.”Uqhubeke wathi: “Sisebenza eduze nohulumeni base-United States, Canada, naseMexico. Banikeze iziqinisekiso ukuthi bonke ababambe iqhaza kwi-World Cup – abadlali, abaqeqeshi, abaphathi – bazothola ama-visa adingekayo.
Ibhola lezinyawo liwumdlalo wokuhlanganisa abantu, hhayi ukubahlukanisa.”U-Infantino wengeze ngokuthi i-FIFA isike yabhekana nezimo ezinje ngalezi ngaphambilini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
