Zuma ukholelwa ukuthi uMofokeng ukulungele ukudlala phesheya kwezilwandle.

Ikhanka yeBafana Bafana, uSbusiso Rhee Zuma, usephumele obala ukuthi yena, ukholelwa ukuthi uRelibohile Mofokeng ongumdlali we Orlando Pirates waseswini, ukulungele ukudlala phesheya kwezilwandle.

“UMofokeng ngimbonile kaningi ukuthi unesibindi enkundleni nokuphasa amabhola ngendlela eseqophelweni eliphezulu ku Betway Premiership League” kusho Zuma.

“Mangabe ngimbona uluhlobo lomdlali ayilo uMofokeng,angadlala kahle ku UEFA Champions league phesheya, ngendlela abukhali ngayo ekuphaseni ibhola” kuqhuba uZuma.

Lomdlali useshaye amagoli ayisikhombisa ku Betway Premiership League, kanti eqenjini le Orlando Pirates nguyena ohamba phambili ngamagoli.

UMofokeng usanda kushaya amagoli amathathu ngesikhathi bebhekene ne TS Galaxy FC emdlalweni we Betway Premiership League nokumenze wangena emabhukwini wokuqopha umlando ku Orlando Pirates, elandela uTshegofatso Mabaso owagcina ukushaya amagoli amathathu ngo 2024


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.