Konke sekumi ngomumo ngowama-KZN Sports Awards

SIWE SHOZI |

AMABOMBO abheke emcimbini wamaKZN Sports Awards ozoba ngoMgqibelo njengoba kuzohlonishwa abenze kahle kweZemidlalo Kwa-Zulu Natal.Lo mcimbi ubanjwa minyaka yonke e-INkosi International Convention Centre (ICC), kodwa ngonyaka odlule uke waphazimiseka ngesimo sezimali. Njengoba ubuyile kulonyaka futhi akungabazwa ukuthi uzobe useqophelweni eliphezulu.

Yize ukhuze ubuye lo mcimbi, umklomelo obhekwe ngabomvu isifundazwe sonkana, oweSports Personality of the Year. Lapho kuboshelwe izinkakha zodwa. ONonkululeko Mlaba ongumshwibi ebholeni ikhilikithi, uThulisile Maduna odlala ibhola lomnqakiswano, uSiyanda Ndlovu ogijima kwiLamontville Golden Arrows, uZakithi Nene osubathayo noMhlengi Gwala oshova amabhayisikili.

Njenga manje kubukeka sengathi abahamba phambili ekuvotelweni, uyena uMaduna noNdlovu. Ngo 2024 uNonkululeko uyena obenqobile njengoba ephinde wazethemba futhi wangenela ethi hleze ucilo uzishaye endukwini, bamvotele abantu.Omunye umklomelo ocishe uthakaselwe futhi ohlanganisa izintatheli, lapho ekuqhathwe khona uSamkelo Gambushe odume ngelika “Sports Mjita” nongumethuli weZemidlalo emsakazweni iGagasi FM, uRobin Madlala owaziwa kakhulu ngelika “Duke” obhala ibhola likanobhutshuzwayo kwiSportswire, noTracy Makhanya osebenzela isiteshi somphakathi esizinze eMlaza, Intokozo FM.

Uyabona ke lapho futhi ukuthi abantu abaningi baseka uTracy ngoba bebefuna ngisho ukumvotela kwasho kona ukuthi kunabantu abaqokiwe ukuthi babe ngamajaji, akufani nakwiSports Personality of the Year lapho kuvotwa khona abalandeli okanye abathandi beZemidlalo.

Sezizonke izindondo ekuzoqhudelwana ngazo zingu-18. Administrator of the Year, Coach of the Year, Federation of the Year, Indigenous Games Team of the Year, Junior Sportsman of the Year, Junior Sportsman of the Year, Junior Sportswoman of the Year, Newcomer of the Year, Photographer of the Year, Recreation body of the Year, School Team of the Year, Sports Journalist of the Year, Sportsman of the Year, Sportswoman of the Year, Sportsman of the Year with Disability, Sportswoman of the Year with Disability, Team of the Year, Technical Official of the Year kanye neVolunteer of the Year.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.