UKadodia uyibheke ngabomvu iNedbank Cup

UFarouk Kadodia ongusihlalo we Durban City uthi kuzomthoba amanxeba ukunqoba iNedbank Cup. I-Durban City izogadulisana neTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup ngomhlaka 2 May ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

UKadodia uthe yababuhlungu inhliziyo yakhe ngemuva kokuhlulwa kabuhlungu yiFree State Stars ngo 1-0 ngesikhathi iqembu lakhe lisabizwa ngeMaritzburg United eminyakeni eyishumi edlule. Uthe namanje sisabhibha leso silonda.

“Ngithembele kubadlali abadala ukuthi bazowenza umsebenzi wokuthi bakhomoze abadlali abancane ngokubaluleka komdlalo wamanqamu,” kusho uKadodia.

Uthe ubeke nethemba ku-Emmanuel Jalai ngoba kudala edlala kowamanqamu okumenza abenamava.

“Ngimtshelile ukuthi lenkomishi kimina neqembu leDurban City FC ibaluleke kanjani,” kusho uKadodia .Uthe emidlalweni emithathu edlule uhlabeke umxhwele ngoJalai ngendlela akhombise ubuholi ngayo kubadlali abancane enkundleni.

UJalai uzoba edlala umdlalo wakhe wokuqala wamanqamu weNedbank Cup ngaphansi kwezinyanga ezinhlanu eqalile ukudlala kuBetway Premiership League.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.