Uzobhadla ejele olahlwe elokweba

INkantolo yeSifunda eNgwelezane igwebe uRhana Naicker (56) iminyaka ewu-10 walengiselwa emibili yayo ngombandela wokuthi angatholwa enecala elifanayo ngesikhathi isalengisiwe. 

Ugwetshwe emuva kokulahlwa ngecala lokweba u-R500 000 kasomabhizinisi wesifazane eRichards Bay.

Nakuba uNaicker ubeboshelwe ukukhwabanisa nokushushumbisa imali kodwa uphume phambili wase elahlwa ngecala lokweba. Uzodonsa iminyaka ewu-8 ejele. 

Ubufakazi obenekelwe inkantolo buveza ukuthi ngo-2017, uNaicker wayesebenza egalaji likaphethiloli eCaltex Alton, eliphethwe yiKZN Oils (Pty) Ltd. Wayekwazi ukuthenga nokudayisa uphethiloli nokunye okuhambisana nawo. 

Nakuba wayeke wakuveza ukuthi ufisa ukuthenga ingxenye yebhizinisi kodwa abeKZN Oils bathi akanayo yonke imicikilishi efunekayo. 

Ngaphezu kwalokho wayenesikweletu sikaR457 000 enkampanini. 

Ngo-October 2017, uNaicker waya kumgilwa samuntu onombono yebhizinisi. Watshela umgilwa ukuthi kudayiswa amasheya ase-Caltex Alton futhi uhhafu wawo ungatholakala ngo-R 500 000. Umgilwa wakholwa yilokhu, wavuma ukufaka imali. 

UNaicker wanika umgilwa imininingwane yasebhange wathi akofaka igama uRainer Naicker uma esekhokha. Umgilwa wafaka imali engazi ukuthi uNaicker ukweleta inkampani. Kwabe sekukhokhelwa isikweletu sakhe ummangalelwa. Inkampani i-KZN Oils yamukela le mali ngokuthi iqondile. 

Kuthe kusuka umgilwa akabe esamthola uNaicker ocingweni, wazama kaningi waze wabikela amaphoyisa. Imali eyebiwe ayikaze ibuye. 

Ngesikhathi kuqulwa icala UMshushisi uJomo Ngcobo ubize ofakazi okungumgilwa, abasebenzi baseKZN Oils, umphenyi wecala kwanekwa namaphepha asebhange. 

Isitatimende sikamgilwa siveza indlela alahlekelwe ngayo imali kwashayeka ibhizinisi lakhe. Uthe akakazwanga ukukhokhela abasebenzi bakhe ibhonasi nokubenyusela umholo nokubadikibalisile. 

Inkantolo ithole ukuthi uNaicker wake walahlwa ngecala lokukhwabanisa eminyakeni ewu-30 edlule lapho ahlawuliswa khona. 

Inkantolo itshelwe ukuthi ummangalelwa uhamba amanye amacala eNkantolo yeMantshi eRichards Bay, Mtubatuba naseSikhaleni athinta ukukhwabanisa nokweba.

I-National Prosecuting Authority (NPA) iyasemukela isigwebo inethemba lokuthi sizoveza ukuthi ubugebengu ngeke bubekezelelwe. 


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.