
Ithimba lamaphoyisa eKZN Stabilisation Task Team selidubule labulala omunye umholi weqembu lezigelekeqe eliseWest eNanda ngesikhathi kudutshulwana phakathi kwamabili. Lomsolwa ubengomunye obefunelwa amacala okubulala eNanda (Ezimangweni), eThekwini. Umsolwa oneminyaka engu-30 ubudala ubefunelwa necala lokuzama ukubulala owayeyikhansela lendawo. Ubulawe entathakusa, lokhu kuza ngemuva kokubulawa kwamalungu amahlanu ezigelekeqe ngasekuqaleni kwaleli sonto
Kutholwe imoto eyebiwe, isibhamu nezinhlamvu.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe
uthanda ukukhumbuza izigebengu ukuthi izinsuku zabo zibaliwe.
“Umkhankaso wokuqeda zonke izimbangela zobugebengu ushubile njengoba sesisondele isikhathi samaholidi. Amaphoyisa azohlala ezivikela uma ehlaselwa ngoba asilindele ukuthi afele ezandleni zezigebengu. Siyacela ezigebengwini ukuthi zizinikele emaphoyiseni uma zifika ukuze zibhekane nezinqubo ngaphakathi ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
