Zikhala ngentuthuko izakhamuzi selokhu zaphuma ngaphansi komasipala woMsinga

Umasipala wase uMvoti oholwa ngumeya Philani Mavundla usuhlulekile ukuhambisa intuthuko ezakhamuzini zase Mabomvini kuwadi 13. Izakhamuzi ziyizwa ngendaba selokhu zaphuma ngaphansi komasipala woMsinga, amanzi awekho nomgwaqo umagqobho gqobho izisele njengoba ungagugulwa ngumasipala, ugesi uhamba njalo njengoba unenkinga yentambo ka gesi enkulu, lomasipala udla budlabha imali yabakhokhi bentela, khona manjalo lomasipala uphuma ezandleni zika ANC owadala umonakalo omkhulu wokudla imali ngaphansi kobuholi bawo, izakhamuzi zase Mabomvini kuwadi 13 ohlanganisa izigodi ezine Kwadolo, iNzala, Inqoleni, Kwaphakwe, abahleli bakhona babona ukuthi balahlwa. inhlangano yobumbano lamabomvu isizame kaningi ukuxoxisana nemeya yasoMzinyathi kodwa akanampendulo. ngonyaka ozayo kuzoba nokhetho luhulumeni kazwelonke kulindeleke ukuthi izinhlangano zinxenxe abavoti ukuthi bazivotele


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.