
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Umasipala waseMvoti oholwa uMeya uGabriel Malembe uqinise umkhankaso wawo wokuhlanza idolobha.
Lo mkhankaso wokuhlanza idolobha uvutha amalangabi, okubonisa ukuzibophezela kobuholi bukaMalembe ekuthuthukiseni impilo nenhlanzeko yomphakathi.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini, idolobha laseGreytown like labhekena nenselelo enkulu yokungcola kodwa manje izakhamizi sezijabulela indawo ehlanzekile nephephile, okuyinto eyenza idolobha libe nomthelela omuhle kubavakashi nabatshalizimali.
UMalembe uthe, “Ukuhlanzeka kwedolobha akugcini nje ngokuthuthukisa ubuhle bendawo, kodwa futhi kunomthelela omuhle empilweni yezakhamizi zethu. Sizimisele ukwenza iGreytown ibe yisibonelo kwamanye amadolobha ngokubambisana komphakathi nabaholi.”
IGreytown, ngaphandle kokuhlanzeka kwayo okusha, inomlando ojulile.
Kuyilapho kumele kukhumbuleke indlela Inkosi uMbambatha kaMancinza Zondi alwela ngayo ukuzimela, okwagcina kubizwa ngokuthi yi-“Bhambatha Rebellion”. Lo mlando ukhombisa isibindi nokuzinikela okufana nokubona namuhla ekulweleni intuthuko nedolobha elingcono.
Izinhlelo zikamasipala zokugcina idolobha lihlanzekile zisabalulekile, kanti uhulumeni waseMvoti umema izakhamizi ukuba ziqhubeke nokubambisana ukuze kuqhubeke intuthuko. Ukugcinwa kweGreytown ihlanzekile kungenye yezindlela zokuhlonipha umlando wayo ocebile nokuqinisekisa ikusasa eliqhakazile kubantu bayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
