
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Kuqopheke umlando ngesikhathi kukhethwa amalungu amasha ebhodi eliphethe i-Chess South Africa, futhi okuyinto ejabulise kakhulu abantu bakwaZulu-Natal ukuthi uLindokuhle Ngubane waseGreytown, eMabomvini esigodini sakwaDolo ukhethwe njengePhini likaMengameli lokuQala.
Lokhu kukhethwa kumfaka endaweni ephakeme kakhulu ekuholweni kwe-chess kuleli, eqinisa isandla sakwaZulu-Natal kulo mdlalo ohlonishwawyo.
UNgubane, obuye abe nguMengameli we-Chess KwaZulu-Natal, uyiqhawe elikhulele kulo mdlalo.
Uhambo lwakhe luveza isithombe somuntu ozinikele kakhulu emdlalweni, ephusha ukukhula kwawo kusukela esigodini sakhe kuya esigabeni sezwe.
Akuyona imfihlo ukuthi uNgubane uyaziqhenya ngezimpande zakhe.
Uzalelwe futhi wakhulela eGreytown emabomvini esigodini sakwaDolo, lapho uthando lwakhe lwe-chess lwaqala khona.
Le ndoda ayigcinanga ngokudlala, kodwa yakhetha ukuwusabalalisa lo mdlalo emiphakathini eyahlukene, ikakhulukazi kubantu abasha.
Uhambo lwakhe seluphakamise kakhulu, njengoba uke wahlangana nabantu ababalulekile esizweni, okubalwa kubo uMengameli wangaphambili uMnu. Jacob Zuma.
Lokhu kukhombisa ukuthi umsebenzi wakhe we-chess uqashelwa kakhulu ezingeni eliphezulu. Uphinde wasebenza eduze noMtomuhle Khawula, onguNgqongqoshe Wezemidlalo KwaZulu-Natal (MEC), okukhombisa ukuzibophezela kwakhe ekuthuthukiseni ezemidlalo esifundazweni.
Ukuzinikela kukaNgubane akugcinanga lapha ekhaya. Uke futhi wahambela nakoRussia ngenhloso yokuthola ulwazi olunzulu mayelana ne-chess, okuyisinyathelo esiqinisekisayo sokuthi ufuna ukuletha okungcono kakhulu kuleli. Uhambo lwakhe lwaseRussia beluhambisana nombono wakhe wokufaka izindlela ezintsha nezijulile ekuthuthukiseni lo mdlalo.
Ukukhethwa kwakhe njengePhini likaMengameli lokuqala kwi-Chess South Africa kuza njengesiphetho esifanele sohambo lwakhe olude noluzinikele.
Abantu bakwaZulu-Natal, ikakhulukazi abaseGreytown, kufanele baziqhenye ngendodana yabo.
Manje wonke umuntu ubheke ngabomvu ukubona ukuthi uNgubane uzoletha maphi amagagasi amasha e-Chess South Africa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
