
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UMbekezeli Mbokazi ushiye abaningi bebambe ongezansi ngenkathi engena enkundleni okokuqala kwi-Major League Soccer (MLS) League.
Lo mdlali waseMzansi Afrika ube nesiqalo esimnandi kakhulu emdlalweni wakhe wokuqala, okuyinto ejabulise kakhulu abalandeli bebhola likanobhutshuzwayo, ikakhulukazi labo abasuka eMzansi.
UMbokazi, obhekwe ngabomvu ngabaningi, uqale eqenjini lakhe i-Chicago Fire emdlalweni obushisa phansi bedlala ne-Houston Dynamo.
Nakuba bekungumdlalo wakhe wokuqala kule kilabhu enkulu, uMbokazi udlale ngokuzethemba okukhulu, okubonise ukuthi ukulungele ukudlala kuleli qembu.
Okubaluleke kakhulu, uvimbe amagoli amabili abeseyongena enethini, okusho ukuthi iqembu belizodliwa ngo 4-1 ukube akazange adlale indima yakhe ngobuchule.
Umlandeli obekhona enkundleni uthe, “Bengivele ngazi ukuthi uMbekezeli unethalente eliyisimangaliso. Ngiyaziqhenya kakhulu ngaye!”
Ukuvela kukaMbokazi kwi-MLS akugcini nje ngokuba yimpumelelo yakhe siqu, kodwa futhi kuvula amathuba amasha kubadlali abaningi abasebasha baseMzansi Afrika abaphupha ngokudlala emazingeni aphezulu emhlabeni. Ithemba lelizwe manje selisemahlombe akhe, kanti naye ubonakala ekulungele ukuthwala lelo themba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
