Owake waba yiMeya yeNFP usejoyine iMKP

Ngu: Sidlabehlezi Gumede

Owake waba yiMeya yakwaNongoma uMshangane Ndabandaba ulaxaze iqembu lakhe iNFP wajoyina iMKP.

UNdabandaba oke waboshelwa izinsolo zokukhwabanisa imali yo mkhandlu, wethulwe njenge lungu elisha leMKP eHlalankosi emcimbini obuhanjelwe nawu lowo owake waba uMengameli wezwe uJacob Zuma.

Ethula inkulumo yakhe emfishane, uNdabandaba uthe uncamele ukushiya iNFP ngenxa yemibango yobuholi eqhubekayo eqenjini.

Uthe ubengeke akwazi ukuhlala endaweni exokozela.

UNdabandaba uthe ujabule kakhulu ngokujoyina iMKP wengeza ngokuthi ubone ezikaZuma njenge qembu elizibophezele ukushintsha impilo yabantu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.