
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Kube yisihloko esishisayo emasontweni adlule udaba lokuthengiswa kweqembu likanobhutshuzwayo elikhulu eNingizimu Africa, iKaizer Chiefs. Kodwa manje sekucacile ukuthi iNaturena ngeke idayiswe, njengoba uDkt. Kaizer Motaung, usihlalo nomsunguli weqembu, enqabe umnikelo omkhulu ovela osomnotho waseSaudi Arabia, uPrince Alwaleed Bin Talal.
Lo mnikelo, okuthiwa wawuyizigidigidi zamarandi, ubunesithembiso sokuletha utshalitshalimali olukhulu eKlabhini. Kodwa-ke, umndeni wakwaMotaung ubonise ukungayithathi kalula le mali, unamathela eqinisweni lokuthi iKaizer Chiefs izohlala ilikhaya lawo.
Umthombo oseduze neqembu uveze ukuthi, “UMotaung akakwazanga ukwamukela lo mnikelo. Iqembu liyi-‘legacy’ yakhe nomndeni wakhe. Banemibono emikhulu ngekusasa lamaKhosi, futhi bakholwa ukuthi bangayifinyelela bengedayisanga iqembu.”
Lesi sinqumo siphakamise imibuzo eminingi kubalandeli beqembu nakumhlaziyi bezemidlalo. Ngabe ukwenqaba izigidigidi zamarandi kuyisinqumo esihle, noma ngabe bekufanele iqembu lizithathe lezo mali ukuze lithenge abadlali abanekhono eliphezulu futhi liqinise ikilabhu?
Abanye bathi lesi sinqumo sibonisa ukuzinikela komndeni ekuqiniseni izimpande zeqembu kanye nasekugcineni isiko lamaKhosi, bakhe ikusasa eliqhakazile ngokuzihlelele bona. Kuwo wonke umlando weKaizer Chiefs, iqembu belingaphansi kobunikazi obufanayo, okuyinto engafani namanye amakilabhu amakhulu.
Kodwa abanye bakhala ngokuthi iqembu lidinga utshalitshalimali olukhulu ukuze libuyele ezinsukwini zalo zenkazimulo, ikakhulukazi ngemuva kokuhluleka ukunqoba izicoco ezinkulu eminyakeni yamuva. Ukuza kosomnotho abasha bekungaholela ekuthengeni abadlali abasha abasezingeni lomhlaba, okuwukuthuthuka okukhulu kulandeli abakhalayo.
“Kunzima ukuthi abalandeli bamukele ukuthi iqembu lisala emndenini uma lingasathuthuki,” kusho omunye umhlaziyi webhola lasekhaya. “Ukuza kosomnotho abasha bekuwukuvulwa kwamathuba amasha okuletha intuthuko nezinga eliphezulu lebhola eNaturena.”
Njengoba udaba selucacile, isikhathi esizokhomba ukuthi ngabe isinqumo sikaDkt. Motaung sasiyisifanele yini lamaKhosi. Okunye okucacile wukuthi umndeni wakwaMotaung ukholwa kakhulu embonweni wawo nasekusaseni lamaKhosi, okuyinto abaningi abayibona njokuphikelela noma njengesibindi esikhulu. Abaningi bazobheka ukuthi umndeni uzozifinyelela kanjani lezi zinhlelo zawo ezinkulu ngaphandle koshicilelo lwangaphandle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
