
Ziyaqonga izinkinga kwiMeya ye-IFP eNdumeni uMcebo Mkhize njengoba sekuvela ukuthi ubefuna amavenge kusonkontileka obefaka ugesi ezindaweni zasemakhaya nokugcine kuphazamisa uhlelo lwagcina lungapheli.
Kuvela lokhu nje, vele uMkhize usehlazweni lokuthi wehlisa ngemilenze inkece eyayabelwe abantu abebekhahlanyezwe izikhukhula.
Kuvela nokuthi uphinde wadla imali kade enze umcimbi wokugeda izinsuku ezingu-350 esehhovisi.
Umthombo weBunda News ongashayi eceleni ukhala ngokuthi uMkhize kuningi akwenzayo okuphambene nomthetho njengoba efuna amantshontsho kosonkontileka.
“Le ndoda iyalwa uma isithebe sayo singaphumi ayidlali iyifuna ngempela imali yayo,”, kusho umthombo.
Uthe ngisho uhlelo lokufaka ugesi ezindaweni zasemakhaya luphazamisekile ngoba usonkontileka ubekhala ngokuthi uhlushwa uMkhize umfuna imali njalo.
“Kunzima impela eNdumeni, izinto ziyonakala kodwa ubuholi beqembu abenzi lutho,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe amakhansela e-IFP akhohlakele kakhulu ukwedlula awe-ANC.
“Phambilini besazi ukuthi abantu abagangayo abe-ANC kanti siyazikhohlisa babheda kakhulu eNkatheni,” kulandisa umthombo.
INdumeni inebhadi lokuba nezimeya ezihluphayo.
Phambilini yake yaba nemeya encane ecishe ibe ngangoMkhize, uSboniso Mbatha nayo eyagcina ifakwe amasondo ngenxa yokuba namabatha.
Khona futhi kulo mkhandlu nezimenenja ziyahamba.
Enye esanda kuhamba u-Ayanda Dlungwane.
UDlungwane kuthiwa ukhale ngokuthi akusebenzeki kahle noMkhize.
IBUNDA IZINDABA ZESIZWE, lizamile ukuthola ukuphawula kukaMkhize kodwa wangatholakala nemiyalezo athunyelelwe yona wayiziba kanti nehhovisi lakhe lithe lingephawule ngalezi zinsilo.
email: editor@ibunda.co.za
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
