
Isikhulu esiphezulu seGForce Employment Solutions uDkt Graham “Trompies” Sabela sinxusa abanikazi bezimboni ukuba basebenzisane nenkampani yabo.
I-GForce, inkampani ehlinzeka ngabasebenzi ekhula ngesivinini ephethwe abamnyama yaseHammarsdale eNtshonalanga yeTheku.
Le nkampani isanda kwenza umcintiswano webhola kwiminxa ehlukene okunqobe kuyo iRainbow P1 neFrey’s food brands ngokwehlukana.
Le midlalo ibihanjelwe nayizingwazi zebhola okubalwa kuzo uSandile “AK47” Ndlovu owaduma kwiMamelodi Sundowns neMoroka Swallows.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi sokunikezelwa kwemiklomelo, uSabela ongusomabhizinisi ohlonishwayo uthe bangajabula kakhulu uma izinkampani zingasebenzisana nabo.
“I-GForce isungule leligi edlalwa yizinkampani ezinkulu kubalwa noMasipala waseMkhambathini e-Greater Catoridge eminyakeni embalwa edlule ngenhloso yokudala ubunye phakathi kwezinkampani nemiphakathi eyekhele indawo ngoba asifuni ukubona izimo ezifana nemibhikisho enodlame uma kunokungaboni ngasolinye,” kusho uSabela.

Uthe baphethe leligi baphinde basingathe nemincintiswano ngenkece yabo.
“Ayikho nenkampani eyodwa eMethews Meyiwa Zone, esebenzisana nathi, zonke zisebenza nezinkampani zabamhlophe,” kusho uSabela.
Ikhansela laku-ward 91 eHammarsdale uMalulu Sikhakhane uhambe emazwini kaSabela wanxusa izinkampani ukuba zisebenze ne-GForce.
“Izinkampani kumele ziqonde ukuthi amandla okusebenza nekhono akuhambi ngebala,” kusho uSikhakhane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
