
UBonga Mlenze Ngubane waseMabomvini eMsinga esigodini saseNzala uqokelwe emcintiswaneni kaBig Zulu womshayeli ohlanzekile.
UNgubane uzomela usoseshini iSinamuva wakwaMashu lapho ezoba eqhudelana nezinye izinsizwa zakwabanye ososeshini baKwaZulu-Natal.
Useqe iminyaka eyishumi embonini yamatekisi engumshayeli wenkabi yakhe emhlophe ebhalwe uSomahhashi.
Ekhuluma neBunda News, uNgubane uthe ukuthokozele kakhulu ukuqokwa kwakhe emcintiswaneni omkhulu kanjena ukuthi ayomela usoseshini wakwaMashu.
UMlenze nokuyigama adume ngalo ezinsizweni zangakubo nase-rank, usephumelele empilweni ngoba wakhile umuzi oyisithabathaba sendlu enamakamelo ayisikhombisa, unemfuyo izinkomo ezingaphezulu kweshumi nezimbuzi.
Unanonkosikazi kanye nabantwana abane.
Ngaphandle kokuba netekisi, uNgubane ubuye abe nemoto eyi-uber.
Uthe umuntu abebukela kuyena umzala wakhe uMPA Shelembe naye obeziphilisa ngokushayela amatekisi.
UNgubane uphonsele inselelo intsha wathi ingakwazi ukuziphilisa ngokushayela amatekisi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
