
UMasipala waseMshwathi maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal uqhuba umkhankaso wokufakela abantu ugesi. Mumva nje, lo masipala ngokubambisana no-Eskom bathule emkhandlwini osonkontileka abazofakela abantu ugesi.
Lolu hlelo luhlose ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu ababengawutholanga ugesi ngesikhathi ufakwa bayawuthola. Ibalelwa ku-600 imizi ezohlomula ngalolu hlelo luka gesi.
Kuzoqala kufakwe kulawa mawadi: 6,8,11,12 no 13 ( lawa amawadi aseSwayimane) kuphinde kube ward 3,4,5 no 14 okungamawadi asoZwathini. Lolu hlelo alugcinile luzoqhubekela nakwamanye amawadi.
Ubuholi bunxuse osonkontileka ukuthi basebenzisane kahle nomphakathi, uma kuba khona izinselelo bazibike kubuholi bewadi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
