
Amaphoyisa abophe abokufika kuleli abangu-15 kanye nomqashi ngesikhathi egasela ezinkampanini ezithile eChatsworth, eThekwini.
Lokhu kuze emva kombhidlango wamaphoyisa ngokubambisana nama-inspectors oMnyango wezeziSebenzi kanjalo nowezaseKhaya.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, ayisihlanu amafemu abagasele kuwo kwatholwa inkampani eyodwa ibiqashe abangu-15 bokufika, abangenamaphepha.
Kuthiwa ngesikhathi laba beboshelwa ukungabi namaphepha abagunyaza ukuba kuleli ngokusemthethweni, umqashi yena uboshelwe ukubaqasha yize bengenamaphepha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
