
UTeboho Mokoena weMamelodi Sundowns FC uphenduke iqhawe emdlalweni weBetway Premiership League eLoftus Versfed Stadium ePitoli ngesikhathi esiza iqembu lakhe ekutholeni amaphuzu amathathu ngokushaya amagoli amabili.
ISundowns igcine inqobe ngo 3 -1 kuMarumo Gallants nokuyibeka phezulu kuLogi yeBetway Premiership League ngamaphuzu angu 50 emdlalweni engu 21.
Lokhu sekudale umbango ukuthi ushube kakhulu ne-Orlando Pirates njengoba isele ngamaphuzu amabili ku Mamelodi Sundowns FC nokuletha ingcindezi kuBucs.
Kodwa uLawrence killer Maake oyingwazi ye-Pirates ubona iMamelodi Sundowns FC isazoqhuzuka kweminye imidlalo nokunika iPirates ithuba lokunqoba iBetway.
“Abadlali beMamelodi Sundowns abanaso isikhathi sokuphumula njengoba bedlala imidlalo enzima ye CAF Champions league neBetway Premiership League. Kepha isipiliyoni sabo siyabasebenzela njengoba bedlala imidlalo enzima yabo ngokuyinqoba ngaphansi kwezimo ezinzima, ” kusho uMaake.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
