
Owesifazane waseNingizimu Afrika obesesikhungweni sokubuyiselwa kwabantu eMusina nesoka lakhe, Ubanjwe ezama ukusebenzisa uhlelo lokubuyiselwa kwabantu bakufika ukuze baye eMalawi ngaphandle kwepasipoti yaseNingizimu Afrika.
Lona wesifazane ongowokudabuka KwaZulu-Natal ubanjwe endaweni yokubuyiselwa abantu bokufika ngemuva kokukuthi athi ungowaseMalawi, kanti usho lokhu ngoba ezama ukulandela isithandwa sakhe.
UMqondisi Omkhulu Wezasekhaya u-Albert Matsaung uthe owesifazane ufike endaweni yokubuyiselwa kwabantu eMusina kanye nomlingani wakhe waseMalawi futhi watshela izikhulu ukuthi naye uvela eMalawi.
Inhloso yakhe bekuwukusebenzisa inqubo yokubuyiselwa kwabantu ngokuzithandela njengendlela yokuphuma ngaphandle kwezwe. Iziphathimandla ziqale ukusola ngemuva kokuba indaba yakhe ingahkangani ukuthi uvela kuphi neMalawi, ebuzwa yizikhulu ezahlukene endaweni yokubuyiselwa kwabantu eMusina okwesikhashana.
Umnyango Wezasekhaya usuxwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangayisebenzisi kabi inqubo yokubuyiselwa kwabantu emazweni abo ngokuzithandela ukuze bahambe baye kwamanye amazwe ngokungekho emthethweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
