
ULucas Ribeiro uthole ithuba eliyinqayizivele eqenjini lesizwe laseBrazil ngesikhathi umqeqeshi uCarlo Ancelotti emfaka eqenjini lesizwe elizomsiza emidlalweni yobungani neFrance neCroatia.
Lo mdlali wazakhela igama kuMamelodi Sundowns kumasizini amabili adlule nowagcina ngokushiya kungasekuhle khona njengaba leli qembu lalimvimba ukuthi angasayini eqenjini laseSpain iLeonesa kuze kuphele inkontileka yakhe.
Wanqaba walanda abameli bakhe abasezingeni eliphezulu kakhulu ebholeni njengoba bagcina belugoba uphondo kwiSundowns.
URibeiro ungumdlali ogqamile eqenjini lakhe elisha iLeonesa njengoba eqhubeka phambili nokushaya amagoli .
Lomdlali uzoba eqala ukumela iqembu lesizwe laseBrazil .
U-Ancelotti uthe umbizile uRibeiro ngoba udlala kahle eqenjini lakhe laseSpain kanti namagoli uyawashaya ngempela ngakho kumele bamnike ithuba lokuzibonakalisa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
