
Inkakha yeBafana Bafana, uDoctor Khumalo usephumele obala ngengcindezi nenzondo ebibhekiswe kuqembu leBafana Bafana kulemidlalo yendebe yomhlaba.
“Ngicabanga ukuthi kufanele ngishayele ihlombe abafana ngomsebenzi omkhulu abawenzile baqopha umlando, balwe kwaze kwashaya ikhwela lokugcina ngoba umsindo wawumkhulu ngalaba bafana.” Kusho uDoctor.
“Basidelelile siwuMzansi! Umhlaba, i-Afrika ubudelela laba bafana. Bathi bafaka izinombolo nje. “Kube buhlungu kithi ukubona nokuzwa kunjalo, konke ukuhlaziya obekuphuma emhlabeni, konke ukuhlaziya okwenziwa ngalaba bafana bekukubi, babenganikwa thuba.
“Baqale bathi abadlali basekhaya abakakalungeli lolu hlobo lomqhudelwano, nakho konke lokho. Uyazi njengamanje ngifuna ukulinda ngizwe ukuthi umhlaba ne-Afrika bazothini.” Kuchoma uKhumalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
