Isiphenduke umchilo wesidwaba eyamakhansela aqasha izihlobo nezintombi

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

Kungakapholi maseko kuvele izinsolo ezithi iMeya yoMkhandlu waseMzinyathi uThembisile Mchunu nemenenja yakhona uMlungisi Ntanzi baqasha labo abasondelene nabo, sekuphinde kwabhoboka elinye ithumbu elifanayo kulokhu kumasipala waseMsinga.

IBunda News lihabule ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi amakhansela eNkatha eMsinga aqasha izihlobo nezintombi.

Lesi sihlava kuthiwa kade saqala eMsinga.

Kuvela nokuthi kukhona nezimenenja ezithile ezisebenza emnyangweni ehlulene nazo eziqashwe ngesinene.

“Sikhathzekile ngento eyenzeka eMsinga, amakhansela aqasha izihlobo nezintombi zawo, abanye abantu abayitholi imisebenzi,” kusho umthombo.

Uqhube wathi ukuze uqashwe eMsinga kumele wazi abathile uma kungenjalo awuqasheki.

“Izingane zamakhansela zihola izinhlelo ezinkulu zentuthuko okuyinto engekho emthethweni, sesithi asiyiveze lento mhlawumbe sizosizakala,” kubalisa umthombo.

Kuvela lokhu nje, eMzinyathi kuthiwa imeya yakhona nayo iqasha izihlobo zayo.

Kuthiwa ngisho i-PA yayo indodakazi yakhe umhloniswha.

Kunezinsolo futhi ezithi uNtanzi naye uqashe isinqandamathe sakhe.

Udaba olugcwele lapho sizobhadlaza khona amagama amakhansela aseMsinga agangayo luyalandela.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.