
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Inkundla yase-FNB Stadium izolo ibingeyona indawo enhle kubalandeli beKaizer Chiefs, njengoba iqembu labo liwele ogibeni lukaGavin Hunt okwesibili ngaphakathi kwesikhathi esifushane. Ukuhlulwa ngo 2-1 kuBetway Premiership League ngesandla seqembu likaHunt kuphinde kwaphakamisa imibuzo enzima ngabaqeqeqeshi beKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, ababonakala belahlekelwe yimpendulo kuHunt.
Lesi akusona esokuqala isiwombe sikaHunt sokubaphatha kabi abaqeqeqeshi beKaizer Chiefs. Ngaphambi kwalo mdlalo weligi, uHunt useke “wabaphuza inyongo” njengoba kuvamile ukusho abantu emgwaqeni, esebakhiphe kwiNedbank Cup. Lesi senzo esiphindaphindiwe sokubaphatha kabi sikhomba ekutheni kunenkinga enkulu esisekelweni esicashile eqenjini leKaizer Chiefs, ikakhulukazi lapho bebhekene nomqeqeqeshi onolwazi njengoHunt.
Ukuthatha izintambo kukaBen Youssef noKaze eChiefs kwakubhekwe ngamehlo abomvu, njengoba bekulindeleke ukuthi baphelise isomiso sezicoco nokubuyisela iqembu endaweni yalo efanele ebholeni laseNingizimu Afrika. Kodwa-ke, umqeqeqeshi oyedwa obonakala enza impilo yabo ibe nzima kakhulu nguGavin Hunt. Indlela kaHunt yokubheka izikhala nokusebenzisa izingozi zayo kuphakamisa ukuthi kumele kubekhona ukubuyekezwa kwamasu ama-Chiefs, hhayi nje ukugxila emdlalweni owodwa.
Abahlaziyi bemidlalo sebekhombisa ukukhathazeka okukhulu. “Kubuhlungu ngempela ukubona iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs lihluleka ukuqonda nokumelana nomqeqeqeshi oyedwa,” kusho omunye wabo. “Lokhu akubonisi nje kuphela ukuntuleka kwamasu, kodwa kuphinde kubonise ukuthi abaqeqeqeshi baleli qembu abakwazi ukuguqula indlela yabo yokudlala ngesikhathi esifanele.”
Ingcindezi manje isisendaweni ephezulu kubalandeli beKaizer Chiefs, abangathandi ukubona iqembu labo lihlulwa ngokuphindaphindiwe, ikakhulukazi yizimbangi. UBen Youssef noKaze babhekene nenselelo enkulu yokuqonda ukuthi *bangamqoba kanjani* uGavin Hunt. Uma bengakwazi ukuthola ifomula, bangase bazithole besesimeni esinzima kakhulu, futhi ikusasa labo lingase libe lincane kwi-Naturena.
Njengoba isizini iqhubeka, abalandeli beChiefs kanye nezithameli zebhola laseMzansi Africa balindele ngabomvu ukubona ukuthi abaqeqeqeshi beKaizer Chiefs bazokwazi yini ukuyibuyisa isithunzi sabo futhi baqale ukunqoba izimpi, ikakhulukazi leyo ebhekene noHunt.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
