Kunxenxwa abavakashi baphume ngothi lwabo kwiHarry Gwala District Marathon

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

Wethulwe ngokusemthethweni eXobho umjaho wakulo nyaka obhekwe ngabomvu iHarry Gwala District Marathon ongamakhilomitha angu-42.

Lo mjaho uzoqala ukugijima ngeSonto, ngomhlaka 22 Mbasa 2026, uzoqala e-Highflats uphelele eMzimkhulu TVET.

USodolobha uZamo Nxumalo ugcizelele ukubaluleka kwalo mjaho ekuphakamiseni ezokuvakasha esifundeni nasekugqugquzeleni impilo yokuzivocavoca emphakathini.

“IHarry Gwala Marathon akuyona nje imidlalo, kodwa iyithuba lokubonisa ubuhle besifunda sethu nokuhlanganisa,” kusho uNxumalo.

Lo mcimbi uphinde waba nokwemukelwa kwamanxusa alo mjaho, okuyizinkunzi ezaziwayo emhlabeni wokugijima:

– *UBongumusa Mthembu:* Owazakhela igama ngokunqoba iComrades Marathon kathathu kanye neTwo Oceans Marathon. Ubukhona bakhe bulethe ugqozi olukhulu kubagijimi abasafufusa.

– *UThobani Chagwe:* Oseyinqobile iNelson Mandela Marathon kanye neHarry Gwala Marathon uqobo. Ulwazi lwakhe lwale ndawo lungaba usizo olukhulu kwabanye abagijimi.

– *UJanet Mbhele:* Leli qhawe nalo lilindeleke ukuba lizobonakala kulo mjaho njenga manxusa. Kanti useke wenza kahle kwiComrades neTwo Oceans, ukungena kwakhe ethimbeni lamanxusa kusho lukhulu.

Ukuba khona kwalezi zinkunzi kuzokwenza lo mjaho ukhange kakhulu, futhi abalandeli balindele umjaho ogcwele intshisekelo nokuncintisana okusezingeni eliphezulu. Bonke abathanda lo mdlalo bayamenywa ukuthi bazozibonela lo mjaho obalulekile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.