
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
I-SAFA isimemeze izinkundla ezimbili lapho iBafana Bafana izozwana amandla khona nePanama kweyokulungiselela iWorld Cup.
Le midlalo izosiza iqembu lesizwe ukulungiselela iNdebe yoMhlaba yeFIFA yakulo nyaka.
Umdlalo wokuqala uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMashi 27.
Owesibili uzobe sewudlalelwa eDHL Cape Town Stadium ngoMashi 31
Lena yimidlalo ebaluleke kakhulu kumqeqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ozosebenzisa leli thuba ukuhlola abadlali bakhe, ahlanganise amasu amasha, futhi abone ukuthi iqembu lisesimeni esinjani ngaphambi kokuyobhekana nenselele yeNdebe yoMhlaba ezobanjelwa e-United States, eCanada, naseMexico.
Kulindeleke izinguquko ezinqala kubadlali, njengoba iqembu leBafana Bafana lingenzanga kahle ku-African Cup of Nations eMorocco.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
