
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Bakhala ezimathonsi abalimi ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu okubulala imfuyo nezitshalo kuphinde kubeke engcupheni umnotho.
Muva nje, inqwaba yemfuyo ishaywe umbani eMooi Mpofana naseMvoti okuyisimo esishiye abalimi bekhungathekile.
USihlalo weMpofana African Farmers Association uDonda Xulu uzwakalise ukukhathazeka ngokuguquguquka kwesimo sezulu okuphazamisa abalimi.
Ekhuluma neBunda News, uXulu uveze ukuthi ukushintsha kwesimo sezulu sekudala ukulahleka okukhulu kwezitshalo nokufa kwemfuyo, okuphakamisa imibuzo ngokuphepha kokudla esifundeni.
“Abalimi bethu sebebhekene nesitha esisha, okungukuguquka kwesimo sezulu,” kusho uXulu ngokukhathazeka.
“Imvula enamandla, izikhukhula, kanye nezikhathi zesomiso ezinde sekudala ukuba izitshalo zingakwazi ukukhula, kanti futhi izifo ezisha sezihlasele.”
U-Xulu uveze izigameko lapho imfuyo ifa ngenxa yesimo sezulu esibi.
“Akukapheli sikhathi kukhona izinkomo eziningi ezishaywe umbani zafa eMooi River naseMvoti,” kwenaba uXulu.
Uthe lokhu kudalula isidingo esiphuthumayo sokuba uhulumeni abambe iqhaza ekusizeni abalimi.
“Lolu daba lugcizelela ukuthi akukhona nje ukulahlekelwa yimali kubalimi, kodwa futhi kubeka engozini ukukhiqizwa kokudla esifundazweni, okudinga ukucatshangelwa okukhulu kanye nezixazululo ezinqala,” usho kanje.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
