
Abashayeli bamaloli beseZimbabwe abasebenza eNingizimu Afrika babhekane nomqansa njengoba amaphepha abo okushayela ephelelwa yisikhathi kunjalo bayehluleka ukuwavuselela ngenxa yokusuka kwabo kwamanye amazwe. Imvume yeZimbabwe Exemption Permit (ZEP) ebavumela ukuthi bahlale njalo basebenze eNingizimu Afrika ngokusemthethweni, ibhekelelwe ukuthi iphele ngoLwezi 2025 njalo ngokwe gatsha lwezindaba zasekhaya (DHA) aliwakhiphi amalayisensi amatsha kubanikazi beZEP.
Lokhu kushiye abashayeli bamaloli abaningi besesimweni esibucayi, njengoba besaba ukulahlekelwa yimisebenzi kanye nempilo yabo eNingizimu Afrika, lapho asebeneminyaka besebenza khona. Abanye babo basolwa ngabantu bendawo ngokuthatha imisebenzi nezinsiza zabo. UAdvocate Simba Chitando, obemele amalungelo ezizalwane zeZimbabwe emacaleni emithethondaba, uthi iDHA yephula umthetho kanye nesisekelo sombuso ngokuncitsha abanikazi beZEP ilungelo lokuvuselela amalayisensi okushayela. Uthi uzophinde aluyise enkantolo udaba ukuze aphoqe i-DHA ukuthi ihloniphe amalungelo abantu baseZimbabwe abaseNingizimu Afrika ngokusemthethweni.
“I-DHA ibumba umthetho njengoba iqhubeka futhi ayilandeli imigudu nemithethonqubo efanele. Babandlulula abantu beZimbabwe njalo babathatha njengezakhamizi zesigaba sesibili. Ngeke sikuvume lokhu futhi sizolwela amalungelo ethu enkantolo,” usho kanje.
Abanye abashayeli bamaloli eZimbabwe sebenqume ukushiya eNingizimu Afrika bayofuna amathuba kwezinye izindawo njengasePoland lapho abathi baphathwa kangcono futhi bahole kakhulu. Umkhokheli wenhlanganiso yeZimbabwe Truckers Association of SA uWellington Manyenda uthi wazi izizalwane zeZimbabwe ezifika amakhulu amathathu asebefudukele ePoland ngomnyaka odluleyo.
“Bathole ikhaya elisha ePoland, lapho bamukelwa khona futhi baziswa. Bahola imali enhle lapho, cishe u-$1 800 [R34 000] ngenyanga, okungaphezu kwalokho abakuthola eNingizimu Afrika. Baphephile futhi bajabule kakhulu lapho,” usho kanje.
UManyonda uphinde wasola iDHA ngokuxhaphaza izizalwane zeZimbabwe ngokuhlala elokhu eguqule izimfuneko zamavisa kanye lokubabhadalisa imali emba eqolo. Uthi iDHA isithole izigidigidi zamarandi kuzizalwane zeZimbabwe ezifake izicelo zokuthola amapermit eminyakeni edluleyo, kodwa ngemva kwesikhathi batshelwa ukuthi awekho kumbe awadingeki.
“Isibonelo, ngo-2023, basitshela ukuthi asifake isicelo sokuyekwa kwama-visa, okwasidla imali eningi nesikhathi. Kwathi ekupheleni komnyaka bathi kasisabadingi ngoba sebelule iZEP okweminye iminyaka emibili. Badlala ngathi futhi benza imali ngosizi lwethu,” usho kanje.
IZEP, eyasungulwa ngo 2017, imvumo yesikhashana evumela izizalwane zeZimbabwe ezake zathola iZimbabwe Special Permit (ZSP) ukuthi zihlale zisebenze eSouth Africa kuze kufike umnyaka ka 2025. Ngemva kwalokho kuzamele bacele amanye amavisa kumbe bashiye izwe.
IZEP kayibaniki ilungelo lokucela indawo yokuhlala ngokugcweleyo, okuyinto ephikiswa emthethondaba yiZEP Holders Association. Bathi banelungelo lokuhlala unomphela ngaphansi komthetho i-Immigration Act, othi noma ngubani osehlale eNingizimu Afrika iminyaka emihlanu nangaphezulu angasifaka isicelo.
Omunye wabashayeli bamaloli obikele IBUNDA IZINDABA, wacela ukuthi igama lakhe lidalulwe uthi ukhungathekile futhi ulahlekelwe yithemba ngoba akakwazi ukuvuselela ilayisensi yakhe futhi akazi ukuthi kuzokwenzekani ngaye nomndeni wakhe ngemuva kuka-2025.
Uthi ushadelwe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi usefake isicelo se-spousal visa, okuyi-temporary residence visa (TRV) emvumela ukuthi asebenze afunde kodwa akakayitholi.
“Sengisebenze njengomshayeli wamaloli eNingizimu Afrika iminyaka engaphezu kuka-10 futhi angikaze ngibe nenkinga ngelayisensi yami kuze kube manje. Bangitshela [umnyango wezomgwaqo] ukuthi ngeke bangisize ngoba nginemvume yeZEP futhi bangeluleka ukuba ngibuyele eZimbabwe ngiyovuselela ilayisensi yami khona. Kodwa lokho akwenzeki ngoba nginomndeni lapha futhi nginomsebenzi lapha. Angazi ukuthi ngenzenjani. Ngizizwa sengathi ngibambeke e-limbo,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
