
Umculi wokholo waseNingizimu Afrika kanye neZCC, uDkt Kenny Makweng, udlule emhlabeni ngemuva kokulaliswa esibhedlela ngenxa yokuhlaselwa yisifo sohlangothi. Lezi zindaba ziqinisekiswe esitatimendeni esikhishwe inkampani yakhe, iKennyMak Productions, namuhla.
Isitatimende sizwakalise ukudabuka okukhulu kwalenkampani saphinde samemezela ukuthi imininingwane yenkonzo yesikhumbuzo namalungiselelo omngcwabo ukuthi izokwabiwa ngokuhamba kwesikhathi njengokusho kwemiyalelo yomndeni. Umndeni ucele isizotha ngalesi sikhathi esinzima wacela nomthandazo kuzithandwa zikaDkt Kenny Makweng
UDkt. Kenny Makweng ube nomsebenzi oyimpumelelo owathatha iminyaka engaphezu kuka-20, lapho asebenzisana nabanye abaculi bevangeli abaziwayo. Ubedume ngomsebenzi wakhe noMojeremane, Oleseng Shuping, noWinnie Mashaba. Ilungu le-Eff ePhalamende ophinde abe yingqalabutho yeKwaito, u-Eugene Mthethwa, useke wacela ukuba kukhulekelwe uDkt Kenny Makweng ezinkundleni zokuxhumana emchaza njengomculi weZCC Gospel osanda kuthola iziqu zeBA. Unxuse abaculi nabalandeli bakhe ukuthi bathandazele ukululama ngendlela eyisimanga.
Izindaba zokudlula emhlabeni kukaDkt Kenny Makweng zibaphathe kabi abalandeli bakhe, abangani, kanye nabaculi asebenza nabo eNingizimu Afrika yonkana. Uzokhunjulwa ngamagalelo akhe endimeni yomculo wokholo nomthelela wakhe emphakathini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
