
UMbuso udalule ukuthi usomabhizinisi waseNorth West uSulliman Carrim ubelibangise eSaudi Arabia ezonqamula eDubai ngesikhathi eboshwa e-OR Tambo International Airport ngoLwesine ebusuku.
Abashushisi batshele inkantolo ukuthi uCarrim ubenethikithi lokuya eSaudi Arabia kuphela, engenalo elokubuya. Abameli bakhe bakuphikise lokhu njengoba inkantolo icubungula isicelo sakhe sebheyili.
UCarrim waboshwa yi- Commission’s Recommendations Task Team ngezinsolo zokuthi wehluleka ukuvela phambi kweKhomishini yeMadlanga.
Ukuboshwa kwakhe kuza ngemuva kokuyamaniswa nophenyo lwezinsolo zokukhwabanisa kanye nenkohlakalo ebandakanya uMasipala wesiFunda saseNgaka Modiri Molema eNorth West.
Ithimba lakhe labameli lifuna ibheyili, kodwa umbuso uyakuphikisa ukudedelwa kwakhe. Abameli bakhe baCarrim bathi akanalo irekhodi lobugebengu ngokusekela isicelo sebheyili.
Khonamanjalo, iKhomishini kaMadlanga yamukele ukuboshwa kwakhe, ithi kuthumela umyalezo oqinile kofakazi abaluthatha kancane uphenyo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
