
OKlebe bathungatha umsolwa ngokubulala ukapteni wamaphoyisa esigamekweni sokudubulana endaweni yokugeza izimoto Kanyamazane, eMpumalanga. USibusiso Jacky Maseko (35) naye osebenzisa isibongo sakwaNtwane uphume ejele ngoJanuwari 2024 ngemuva kokudonsa isigwebo ngamacala amabili okubulala.
Kumanje ufunelwa icala lokubulala uCaptain Sibusiso Bethwell Mthombothi, 44, owadutshulwa wabulawa ngoMgqibelo, 13 January 2024, ngabo-21:45. Ngokusho koKlebe, uMthombothi ubengekho emsebenzini kanti ubeye endaweni yokugeza izimoto nomngani wakhe ngesikhathi behlangatshezwa amadoda amabili abehlomile ebafuna ngenkani izimpahla zabo.
Kwaqhuma isibhamu uMthombothi walimala kabi. Umngani wakhe naye ulimele waphuthunyiswa esibhedlela. Ithimba lamaphoyisa ophiko loKlebe eNelspruit, iSerious Organised Crime Investigation, seliphume umkhankaso wokuthungatha uMaseko, okukholakala ukuthi ungomunye wabahlaseli. Omunye umsolwa akaziwa.
OKlebe sebenxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uMaseko ukuthi athinte uCaptain Mduduzi Comfort Mkhonza ku-082 304 0052 noma uLieutenant Colonel Erhard Stroh ku-082 300 8315. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa ngokuyimfihlo. OKlebe baphinde baxwayisa umphakathi ukuthi ungasondeli kuMaseko njengoba ethathwa njengomuntu ohlomile futhi oyingozi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
