
IMeya yaseMzinyathi uNkk Thembisile Mchunu ehambisana nosekela wakhe uKhansela uNothile Zungu bahambele imindeni yalabo abavelelwa umshophi bahanjelwa amalunga emindeni awu-6 ngesikhathi kuguguleka imoto ebabehamba ngayo eMsinga.
UMchunu uchitha usuku lonke lwangoLsesihlanu eyoveza amehlo emndenini wakwaNgobese, Malinga, Chonco, Mweli, Ndlovu nakwaMdlalose.
UMeya uthe sabazwisa ubuhlungu obukhulu isehlo esehlela lemindeni bebathandazela ukuthi babathole amalungu emindeni yabo.
“Sibonga ukuthi iNkosi isizwile ngoba batholakale bonke ngomusa kaNkulunkulu,” usho kanje.
UMchunu kuyo yonke lemindeni esemanzini ubeshiya igilosa ezolekela kulesi sikhathi ngaphambi kokuba kufihlwe.
Laba abashonile bazofihlwa kanye kanye.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
