
INkantolo eNkulu eThekwini igwebe uSihle Zondi (25) noHloniphani Mzila (29) udilikajele neminyaka ewu-15 umuntu ngamunye ngecala lokubulala nokubamba inkunzi ngesihluku.
Le imikhuba bayigila ngoNovember 2024 eMhlanga.
Ngaphambi kwesigameko, uMzila nentombi yakhe babehlala mahhala bengakhokhi benesivumelwano nomnikazi kwendawo behlala kwenye indawo.
Laba babecelwe ukuthi babheke indawo benze ingadi nakhokonke okunye.
Kwashintsha lokhu ngemuva kokufika kukamufi uRakeshchand Shane Ganesh (53),ongumzala womnikazi kwendawo.
Umufi wavunyelwa ukuhlala mahhala ngenxa yesimo sakhe sezezimali.
UGanesh waveza izikhalo ngokuhlaliswa kwabantu mahhala ekhala ngogesi ngoba umasipala wake wawuvala ngenxa yesikweletu.
Lokhu kwadala ingxabano phakathi kukaMzila noGanesh, babehlala behilizisana.
UMzila wanquma ukubulala UGanesh amphuce nezinto zakhe. Wamema Zondi, ayemazela eDalton.
Abamangalelwa bafika kule ndawo babhozomela uGanesh bamshova endlini ngesankahlu, bamklinya ngebhande waze washona. Bagoqa isidumbu basifaka phansi kombhede. Bathatha imoto ne-laptop kamufi bahamba nakho bebheke eDalton.
Abamangalelwa baboshwa emuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngendawo abekuyo. Sekuqulwa icala, uMshushisi uDernado Macdonald ubize ofakazi kukhona kubo lowo owabona abamangalelwa behamba ngemoto kamufi.
I-laptop kamufi yatholwa emuva kokuthi uZondi echazile ukuthi ikuphi. Kuthe uma beqeda ukulahlwa ngecala abamangalelwa benqaba ukungena ebhokisini ukuze bagwetshe.
U-Advocate Macdonald ufake isicelo ngokuka Section 159(1) of the Criminal Procedure Act, ukuthi bagwetshwe noma bengekho. Inkantolo ivume leso sicelo kwase kuyaqhutshekwa.
Inkantolo ibagwebe udilikajele bobabili umuntu ngamunye ngecala lokubulala bese kuba iminyaka ewu-15 ngecala lokubamba inkunzi ngesihluku.
I-National Prosecuting Authority (NPA) iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. Ngokubambisana nezinye izinhlaka ezilwa nobugebengu, I-NPA izoqhubeka nokulwela abagilwa bathole ubulungiswa
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
