Uqeqesho lokutshala umbila luqinisa ukhakhayi lwabalimi abasafufusa kwaSwayimane

UMnyango Wezolimo KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa, ngokubambisana noMasipala wase Mshwathi, uqale uhlelo lokuthuthukisa ezolimo oluhlose ukuqeqesha abalimi abasafufusa ngamakhono nolwazi lokutshala umbila.

Umphakathi waseSwayimane ku-ward 6, eSitezi, uhlangane esontweni laseDutch ngoLwesihlanu lapho kuqhutshwe khona uqeqesho olunzulu mayelana nezindlela zokutshala umbila. 

Lolu hlelo luyingxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisa amandla ezolimo emphakathini nokukhuthaza ukuphepha kokudla endaweni kamasipala.

Ikhansela laku-ward 6, uSpha Shezi, libonge lolu hlelo, lagcizelela ukuthi umhlaba waseSwayimane unothe kakhulu futhi ulungele ukutshalwa kwezinhlobonhlobo zezitshalo.

“Yize okwamanje utshalwa kakhulu umoba , ukuqeqeshwa ngokutshalwa kommbila kuzovulela abalimi amathuba amaningi okwandisa izinhlobo zezitshalo abazilimayo.

UNksz Bukeka Msibi, omele uMnyango Wezolimo, uchaze izingxenye ezisemqoka zoqeqesho, okubalwa kuzo ukuthathwa kwamasampula omhlabathi, izinhlobo zamakhemikhali asetshenziswa ukwelapha izifo zombila, ukusetshenziswa okufanele kukamanyolo, umsoco wommbila (maize nutrition), kanye nemikhiqizo etholakala ngombila. 

“Lolu hlelo luyisinyathelo esibalulekile ekuqwashiseni abalimi bendawo ngamakhono asebenzayo ukuze bathuthukise umkhiqizo wabo, bathole izindlela zokuziphilisa ezingcono, futhi babambe iqhaza ekuthuthukisweni kwezolimo okusimeme endaweni yaseMshwathi,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.