
USihlalo weDA eMzinyathi nophinde abe ikhansela ku-ward 3 eNdumeni ukhansela uSbusiso Mbatha unikele ngezicathulo kubafundi baseMpisini Primary School eGlencoe.
UMbatha ukwenze lokhu njenge ngxenye yokugubha usuku lwamalungelo abantu.
UMbatha uveze ukuthi akekho umfundi okumele ancishwe amathuba ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla akhe.
“Njengomuntu osebenze kakhulu nabafundi baseMpisini Primary ngibonile ukuthi zingaki izingane ezifika esikoleni zingenazo izicathulo ezifanele, lomnikelo awugcini nje ngokuhlinzeka ngezicathulo kodwa ungowokubuyisa isithunzi nokuqinisekisa ukuthi izingane zethu ziyakwazi ukufunda ngokuzethemba,” kusho uMbatha.
Lo mnikelo uyingxenye yokuzibophezela okubanzi kukaMbatha ekwesekeni abafundi abaqhamuka emindenini entulayo.
Amalungu omphakathi alwamukele lolu hlelo athi luzosiza kakhulu izingane ezintulayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
