
INkantolo yesiFunda eMtubatuba igwebe uMario Sithole (34), uZakhele Khathwayo (31) noSikhumbuzo Hadebe (26) udilikajele neminyaka ewu-30 umuntu ngamunye ngecala lokubulala namabili okubamba inkunzi ngesihluku. Amacala enzeka ngo-August noNovember eManguzi enyakatho KwaZulu-Natal.
USithole odabuka eMozambique wenza amacala emuva kokufohla engena kuleli ngokungemthetho.
Ngo-01 August 2022 umufi uXolani Mbatha owayewumqaphi enkampanini ezimele wayesemsebenzini ngesikhathi ebhozonyelwa abamangalelwa. Bamdubula bamphuca isibhamu somsebenzi babaleka.
Ngo-22 November 2022, abamangalelwa bangenela umuzi thizeni emuva kokuzwa ukuthi kunemali ebalelwa kuR250 000 khona. Bafike babhozomela umninimuzi bathatha imali nokunye.
Abamangalelwa baboshwa ePretoria emuva kwezinyanga ezimbili, babanjwa ngokuthi base beboshelwe elinye icala. Enkantolo iPhini loMqondisi wezokuShushisa u-Advocate Cyril Selepe libize ofakazi okubalwa kubona nalowo ongaphansi kuka-Section 204, ubufakazi bokukhonjwa kwendawo nobufakazi bezibhamu okuyamanisa abamangalelwa nesigameko.
Umshushisi ekhonga isigwebi esiqinile, wethule isitatimende esibhalwe wunkosikazi kamufi eluswe wuSithembile Cebekhulu oyi-Court Preparation Officer. Esitatimendeni uchaze kabanzi ngomthelela wesigameko emqondweni wakhe nasemoyeni nendlela izingane ezithinteke ngayo. Uthe impilo ivele yaba yinhlakanhlaka naye usewumuntu ohlala egula.
Inkantolo ibagwebe udilikajele ngecala lokubulala neminyaka ewu-15 ngecala lokubamba inkunzi ngalinye.
Inkantolo ithe abafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo inqume ukuthi uma uSithole eqeda isigwebo athuthelwe kubo eMozambique ngoba wafohla kuleli.
I-National Prosecuting Authority (NPA) iyakwemukela ukuphothulwa kodaba futhi izimisele ukuthi izigilamkhuba zijeziswe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
