
Usizi obelubhekene nomphakathi waseNhlalakahle naseGugulethu, eMvoti lokuqhuma njalo kwamapayipi endle seluzoba wumlando njengoba iMeya yaseMzinyathi uThembisile Mchunu ethule osonkontileka ozolungisa lomsebenzi.
UMchunu uthe lenkinga ibidalwa wukuthi ulayini wepayipi elalifakiwe kudala ubusuhluleka ukumelana nomthamo omningi wabantu asebekhona njengoba beliwu-300 diameter lalifakwe abantu besebancane.
“Usonkontileka lo esizomethula uzoshintsha leli payipi afake elikhulu ngempela eliwu-600 diameter elizokwazi ukuthwala wonke lomphakathi waku-ward 7 no-ward 9. Le nkinga ngijabule kakhulu ukuthi isizoxazululeka njengoba bengihlala njalo ngithola izingcingo zabantu bekhala ngendle echithekela emagcekeni obesekubeka nempilo yabo engcupheni, ” usho kanje.
Uqhube wathi usonkontileka azomethula uzoshesha awuqede umsebenzi.
Unxuse umphakathi ukuba usebenzisane nosonkontileka ungawuphazamisi umsebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
