
UMsinga United uzozwana amandla neThekwini Coastal FC emdlalweni obalulekile ozoba seTwinnie Park ngaseSiphingo ngoMgqibelo ngo 3 ntambama.
Leliqembu laseMabomvini eMsinga lizodlala lomdlalo liphefumulela eduze koMkhambathi FC nokwenza ukuthi liwuphonsele inselelo enzima.
UMsinga usuvale igebe kuMkhambathi FC lamaphuzu amabili njengamanje nokwenza kubenzima ukuqagula ukuthi ngabe kuzoba yiliphi iqembu elizonqoba Stream B phakathi kwalamaqembu.
USihlalo weqembu uWelcome Mpanza uthe lona ngumdlando obalulekile kubona njengeqembu ngoba banenhloso eyodwa yokunyukela kuMotsepe Foundation League ngesizini ezayo.
“Njengoba singenalo iqembu elidlala kuMotsepe Foundation League kumkhandlu waseMzinyathi, thina sifuna ukubeka umaki sinoBonginhlanhla Gwala ongumnikazi weqembu loMvoti FC,” kusho uMpanza.
Unxuse abalandeli babo ukuba baphume ngothi lwabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
